UNumeri 8:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yisho ku-Aroni, uthi kuye: ‘Nxa ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa mazikhanyise ngaphambi kothi lwezibani.’ ” IsiZulu 2020 “Yisho ku-Aroni uthi kuye: ‘Lapho ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa ziyakukhanyisa phambi kothi lwezibani.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Tshono kuAroni uthi kuye: Nxa ukhanyisa izibane, izibane eziyisikhombisa zizakhanyisa phambi koluthi lwesibane. |
“Wolwenzela izibani eziyisikhombisa, izibani zalo zibekwe ukuba zikhanyise phambi kwalo.
Wazenza izibani zalo eziyisikhombisa nezizenze zalo nezitsha zalo zensizi ngegolide elicwengekileyo.
uthi olucwengekileyo lwezibani nezibani zalo, izibani zihleliwe, nezinto zonke zalo, namafutha okukhanyisa,
U-Aroni wenze njalo; wabeka izibani zalo ukuba zikhanyise ngaphambi kothi lwezibani, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu, enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama kuze kuse, ikhwezi liphumele ezinhliziyweni zenu,
Ngaphenduka ukuba ngibone izwi ebelikhuluma nami; kuthe ngiphenduka, ngabona izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide,
Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide yile: izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.
Nasesihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani, namazwi, nokuduma; nezibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu;