“Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.”
UNumeri 8:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba mina nginikiwe wona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; esikhundleni sakho konke okuvula isizalo, amazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngizithabathele wona. IsiZulu 2020 Banikelwe kimi bevela phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, ngizithathele bona ukuba babe ngabami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba baphiwa mina impela phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; esikhundleni salabo abavula zonke izizalo zikanina, esikhundleni samazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngabathatha bona. |
“Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.”
“Mina ngikhiphile amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakuba ngawami.
Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.”
“Thabatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo, amaLevi abe ngawami; nginguJehova.
“Sondeza isizwe sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umpristi, ukuba simkhonze.
Uyakunikela amaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; ayanikelwa ngempela kuye, evela kubantwana bakwa-Israyeli.