Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe, umenzele ukubuyisana.
UNumeri 8:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ulethe amaLevi phambi kukaJehova; abantwana bakwa-Israyeli babeke izandla zabo phezu kwamaLevi, IsiZulu 2020 Uyosondeza abaLevi phambi kukaSimakade, abantu bakwa-Israyeli babeke izandla zabo phezu kwamakhanda abo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe ulethe amaLevi phambi kukaJehova, futhi abantwana bakwa-Israyeli kumelwe babeke izandla zabo phezu kwamaLevi. |
Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe, umenzele ukubuyisana.
Amalunga enhlangano ayakubeka izandla zawo enhloko yenkunzi phambi kukaJehova, inkunzi ihlatshwe phambi kukaJehova.
“Thabatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo, amaLevi abe ngawami; nginguJehova.
Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga.
Ungasheshi ubeke izandla noma kubani, futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe.