Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo; noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo.
UNumeri 7:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa, IsiZulu 2020 iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka ukuze kube ngumnikelo wokushiswa, Contemporary Zulu Bible 2024 ijongosi elilodwa ithole lenkomo, inqama eyodwa, iwundlu lemvu elimnyaka munye kube ngumnikelo wokutshiswa; |
Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo; noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo.
“Iyini kimi imihlatshelo yenu eminingi na?” usho uJehova; “ngisuthile ngeminikelo yokushiswa yezinqama nangeyamanoni amathole akhuluphalisiweyo; negazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimpongo angithokozi ngalo.
Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa, ayivulanga umlomo wayo; njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo.
Ngokuba angikhulumanga koyihlo, angibayalelanga ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe,
Noma ninikela kimi ngeminikelo yenu yokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu, angiyenameli, futhi angibheki iminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo.
Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.
kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala;