“Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
UNumeri 6:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE uyakuzahlukanisa newayini nophuzo olunamandla, angaphuzi uviniga wewayini, noviniga wophuzo olunamandla, angaphuzi okwezithelo zomvini, futhi angadli izithelo zomvini ezimanzi nezomileyo. IsiZulu 2020 uyozehlukanisa newayini nophuzo olunamandla. Akayukuwuphuza uviniga wewayini, uviniga wophuzo olunamandla, akayukuphuza lutho lwezithelo zomvini, futhi akayukuwadla amagilebhisi asemasha noma omisiwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Angayeka iwayini nophuzo oludakayo, angaphuzi viniga wewayini noma uviniga wesiphuzo esinamandla, angaphuzi isiphuzo samagilebhisi, angadli izithelo zomvini ezimanzi noma izithelo zomvini ezomisiweyo. |
“Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
Ngavusa kumadodana enu abaprofethi nasezinsizweni zenu amaNaziri.* Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.
Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe akayikudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini.
Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.
“Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele,
Ungabe usaphuza amanzi odwa, kepha phuza iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo.
kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.
Kangadli lutho oluvela ezithelweni zomvini, kangaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, kangadli lutho olungcolileyo; konke engamyaleza ngakho kakugcine.”
Ngalokho ake uxwaye ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo,