UNumeri 5:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isono esenziwa ngabantu ukuphambeka kuJehova, lowo muntu abeseba necala, IsiZulu 2020 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane benza isono esivame esintwini sonke, baphambuke kuSimakade, lowo muntu uyoba necala. Contemporary Zulu Bible 2024 Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza noma yisiphi isono umuntu ona ngaso, enze isono kuJehova, lowo muntu abe necala; |
“ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, makalethe kuJehova ngesono one ngaso amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa,
Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:
UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, ake umnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye, ungitshele okwenzileyo, ungangifihleli.”