UNumeri 5:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE afikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe, yena engcolisiwe, noma efikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe kodwa yena engangcoliswanga, IsiZulu 2020 Uma indoda yakhe iba nesikhwele ngomkayo ozingcolisile, noma ifikelwe yisikhwele ngomkayo ongazingcolisanga, Contemporary Zulu Bible 2024 Umoya wesikhwele wamfikela, waba nesikhwele ngomkakhe, wangcola; noma uma umoya wesikhwele umfikela, abe nesikhwele ngomkayo, kepha yena angangcoliswa; |
Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, njengophawu engalweni yakho, ngokuba uthando lunamandla njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova.
Ngalokho, ngilindeleni,” usho uJehova, “kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso, ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.
noma lapho indoda ifikelwa ngumoya wesikhwele, ibe nesikhwele ngomkayo; khona iyakumbeka owesifazane phambi kukaJehova, umpristi agcine wonke lo mthetho kuye.