UNumeri 4:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bayakuthabatha indwangu eluhlaza, balusibekele uthi lwezibani, nezibani zalo, nezizenze zalo, nezitsha zalo zomlotha, nezitsha zonke zalo zamafutha abakhonza ngazo kulo; IsiZulu 2020 “Bayakuthatha indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, bamboze uthi lwezibani, nezibani zalo, izindlawu zalo, izitsha zalo zomlotha, nazo zonke izitsha zamafutha abazisebenzisa kulo; Contemporary Zulu Bible 2024 Bayakuthatha indwangu ebubende bamboze uthi lwesibani lwesibani, nezibani zalo, nezindlawu zalo, nezitsha zalo, nezitsha zalo zamafutha abakhonza ngazo kulo. |
bayakulufaka kanye nezinto zalo zonke esikhumbeni samatahasi,* babeke konke ohlakeni.
Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.
Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini.
Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide yile: izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.