U-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.
UNumeri 4:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha namashumi amathathu. IsiZulu 2020 labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo, babeyizi-2 630. Contemporary Zulu Bible 2024 labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo ngokwezindlu zoyise babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha namashumi amathathu. |
U-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.
kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,
Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaGereshoni, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova.