Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.
UNumeri 4:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana. IsiZulu 2020 kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuyokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana. Contemporary Zulu Bible 2024 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuya kwabaneminyaka engamashumi amahlanu kumelwe uwabale; bonke abangena ukwenza inkonzo, ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana. |
Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.
Ngokuba amadodana kaLevi abalwa ngamazwi okugcina kaDavide, kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.
AmaLevi abalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu; umumo wawo ngezinhloko zawo, indoda ngendoda, wawuyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesishiyagalombili.
kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.
kusukela kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu bayakuphuma emsebenzini wenkonzo, bangabe besakhonza;
Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na?
nangezwi leqiniso, nangamandla kaNkulunkulu, nangezikhali zokulunga zesokunene nezesokhohlo,
Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.
Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.
Lo myalo ngiwuthwesa wena mntanami Thimothewu njengeziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ulwe ukulwa okuhle ngazo,