UJehova wayesethi kuMose: “Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone uJehova, kufe abaningi kubo.
UNumeri 4:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ninganqumi isizwe semindeni yamaKohati kumaLevi, IsiZulu 2020 “Niqikelele ukuba isizwana semindeni kaKhohathi singapheli phakathi kwabaLevi, Contemporary Zulu Bible 2024 Ungasinqumi isizwe semindeni yamaKohati phakathi kwamaLevi. |
UJehova wayesethi kuMose: “Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone uJehova, kufe abaningi kubo.
Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
Yilowo nalowo oyakuyenza enjengayo ukuba ihogelwe uyakunqunywa kubantu bakubo.”
“Bayakukhiphela amaKaledi bonke abafazi bakho nabantwana bakho; awuyikuphunyuka esandleni sabo, kepha uyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele, wenze ukuba lo muzi ushiswe ngomlilo.”
umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo, nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke.
UJehova wathi kuMose: “Buyisa intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kubahlubuki, ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.”
“Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase-altare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantwana bakwa-Israyeli.
KwaKohati kwavela umndeni wama-Amramu, nomndeni wamaJisihari, nomndeni wamaHebroni, nomndeni wama-Uziyeli; yileyo eyimindeni yamaKohati.
kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe;
Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu; abantu balila, ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.