“Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise.
UNumeri 36:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli njengezwi likaJehova, wathi: Isizwe samadodana kaJosefa sikhulume kahle. IsiZulu 2020 UMose wabayala abantu bakwa-Israyeli ngokwezwi likaSimakade, wathi: “Isizwana sozalo lukaJosefa siqinisile kulokhu esikushoyo. Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli njengezwi likaJehova, wathi: “Isizwe sabantwana bakwaJosefa sikhulume kahle. |
“Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise.
Lapho liyakuba khona ijubili* labantwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakuthasiselwa efeni lalesosizwe ayakuba ngawaso, ifa lawo lisuswe efeni lesizwe sawobaba.
Yilokho ayala ngakho uJehova ngamadodakazi kaSelofehadi, ethi: Mawagane njengokuhle emehlweni awo, kodwa agane nokho emndenini wesizwe sikayise.
“UJehova wawezwa amazwi enu ekukhulumeni kwenu kimi; uJehova wayesethi kimi: ‘Ngiwezwile amazwi alaba bantu abawakhulume kuwe; basho kahle konke abakukhulumile.