USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.
UNumeri 36:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba oMahela, noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana awoyisekazi. IsiZulu 2020 UMahela, uThiriza, uHogila, uMilikha, noNowa, amadodakazi kaZelofehadi, agana amadodana abafowabo bakayise. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uMagila, noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana abafowabo bakayise. |
USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.
Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.
Agana emindenini yamadodana kaManase indodana kaJosefa, nefa lawo lahlala esizweni somndeni kayise.