“Amadlelo emizi eniyakunika wona amaLevi ayakusuka ogangeni lomuzi izingalo eziyinkulungwane nxazonke.
UNumeri 35:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyakulinganisa ngaphandle komuzi izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngaseningizimu, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho, umuzi ube phakathi. Lokho kuyakuba ngamadlelo emizi yawo. IsiZulu 2020 Umuzi niyakuwulinganisa ngaphandle kanje: ngasempumalanga, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000, eningizimu, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000, entshonalanga, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000 nangasenyakatho, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000; umuzi ube phakathi. Lokho kuyoba ngamadlelo emizi yabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakulinganisa nivela ngaphandle komuzi, izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ohlangothini lwasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ohlangothini oluseningizimu, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho; umuzi uyakuba phakathi, ube idlelo lawo lemizi. |
“Amadlelo emizi eniyakunika wona amaLevi ayakusuka ogangeni lomuzi izingalo eziyinkulungwane nxazonke.
“Imizi eniyakuyinika amaLevi iyakuba yimizi eyisithupha yokuphephela, eniyakuyinika umbulali ukuba abalekele kuyo; ngaphandle kwayo niyakuwanika imizi engamashumi amane nambili.
“Uma umLevi evela noma kuliphi isango kwa-Israyeli wonke, lapho egogobele khona, afike ngaso sonke isifiso somphefumulo wakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha,