Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 34:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UMose wabayala abakwa-Israyeli, wathi: “Leli yizwe eniyolaba ngonkatho, uSimakade ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nali izwe eniyakulidla ngenkatho uJehova ayala ukuba nilinike izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye yesizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 34:13
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:


“ ‘Kuyakuthi ekwahlukanisweni kwezwe ngenkatho libe ngamafa, ninikele kuJehova ngomnikelo, okungcwele kwezwe, ubude bube ngubude bezinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi, kube ngcwele emikhawulweni yonke nxazonke.


Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho ebandleni likaJehova.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


umkhawulo wehlele eJordani, uphume ngaseLwandle Lukasawoti; lokho kuyakuba yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke.’ ”


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.


Ngalokho yahlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nelenxenye yesizwe sakwaManase.”