Bafika esiGodini sase-Eshikoli,* banquma khona igatsha elinehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngothi phakathi kwababili, kanye namapomegranati* namakhiwane.
UNumeri 32:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase-Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona. IsiZulu 2020 Ekukhuphukeni kwabo beya esigodini i-Eshikholi balibona izwe, babathena amandla abakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uSimakade abanike lona. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba lapho bekhuphukela esigodini sase-Eshikoli, balibona izwe, badumaza izinhliziyo zabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanika lona. |
Bafika esiGodini sase-Eshikoli,* banquma khona igatsha elinehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngothi phakathi kwababili, kanye namapomegranati* namakhiwane.
Leyo ndawo yathiwa isiGodi sase-Eshikoli* ngenxa yehlukuzo abantwana bakwa-Israyeli abalinquma khona.
Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.