U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.
UNumeri 32:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli. IsiZulu 2020 “Bhekani, nina nzalo yezoni, senivukile esikhundleni sawoyihlo ukwandisa intukuthelo enkulu kaSimakade ngo-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani, senivukile esikhundleni sawoyihlo, isixuku sabantu abayizoni, ukwandisa ulaka lweNkosi phezu kuka-Israyeli. |
U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.
UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.
bathi kubo: “Ningabangenisi abathunjwa lapha, ngokuba nicabanga okuyakuba yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje; ulaka olushisayo luphezu kuka-Israyeli.”
U-Ezra, umpristi, wasukuma, wathi kubo: “Niphambukile nithathe abesifazane babezizwe ukwandisa icala lakwa-Israyeli.
Abenzanga kanjalo oyihlo, noNkulunkulu wenu akehliselanga yini phezu kwenu konke lokho okubi, naphezu kwalo muzi, na? Nokho nina niyenezela intukuthelo phezu kuka-Israyeli ngokulona isabatha.”
Hawu, sizwe esonayo, bantu abasindwe ngububi, nzalo yababi, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uJehova, bamdelele oNgcwele ka-Israyeli, babuyele emuva.
Nidlala nobani, nikhamisela bani umlomo, ninyalizela bani, na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini,
“ ‘Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze, umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane.
Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu.”
Ngalokho ningofakazi, nivuma imisebenzi yawoyihlo; ngokuba bona bababulala, nina-ke niyawakha amathuna abo.