abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise, futhi aliyikubonwa muntu walabo abangidelela;
UNumeri 32:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, akayikubona noyedwa izwe engalifungela u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo, IsiZulu 2020 ‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibhithe, akukho namunye kubo oyolibona izwe engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, kusukela kwaba neminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokuba abangilandelanga ngokupheleleyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngempela, amadoda akhuphuka eGibhithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngeke alibone izwe engalifunga ku-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngoba abangilandelanga ngokuphelele. |
abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise, futhi aliyikubonwa muntu walabo abangidelela;
kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.
“Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”
‘Impela akuyikubona noyedwa walaba bantu balesi sizukulwane esibi izwe elihle engafunga ukubanika lona oyihlo,
Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.’