Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.
UNumeri 31:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE kuleso naleso sizwe njalo anoyithuma empini inkulungwane ezizweni zonke zakwa-Israyeli.” IsiZulu 2020 Kuleso naleso sizwana sakwa-Israyeli kuphume inkulungwane, nibathumele empini.” Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe nithumele impi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli inkulungwane esizweni ngasinye. |
Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.
UMose wayesekhuluma kubantu, wathi: “Hlomiselani impi amadoda phakathi kwenu ukuba ahlasele abakwaMidiyani, aphindisele uJehova kwabakwaMidiyani;
Kwase kunikelwa ezinkulungwaneni zakwa-Israyeli inkulungwane kuleso naleso sizwe, izinkulungwane eziyishumi nambili, zihlonyiselwe impi.
UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu abanawe baningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sabo, funa u-Israyeli aziqhenye ngakimi ngokuthi: ‘Isandla sami singisindisile.’
UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”