Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko.
UNumeri 31:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baletha abathunjwa, nempango, nempahla edliweyo kuMose naku-Eleyazare umpristi, nakuyo inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ekamu* emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko. IsiZulu 2020 Abathunjwa nempahla ababeyidlile bakuletha kuMose no-Eleyazare, umphristi, nenhlangano yabakwa-Israyeli enkanjini emathafeni kwaMowabi angaseJordani, phesheya kweJerikho. Contemporary Zulu Bible 2024 Baletha abathunjwa, nempango, nempango kuMose, naku-Eleyazare umpristi, nasenhlanganweni yabantwana bakwa-Israyeli ekamu emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko. |
Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko.
OMose, no-Eleyazare umpristi, nazo zonke izikhulu zenhlangano baphuma ukubahlangabeza ngaphandle kwekamu.*
Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.
Kepha lonke isiliva, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuJehova; kuyakungena endlini yengcebo kaJehova.”