Uyakungithabathela amaLevi nginguJehova esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli.”
UNumeri 3:42 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wabala, njengalokho uJehova emyalile, onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. IsiZulu 2020 UMose wawabala wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile. Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wabala onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile. |
Uyakungithabathela amaLevi nginguJehova esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli.”
Onke amazibulo esilisa njengokomumo wamagama kusukela kwabanenyanga kuya phezulu alabo ababalwayo kubo ayeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu.