Konke okuvula isizalo senyama yonke abanikela ngakho kuJehova, okomuntu nokwesilwane, kuyakuba ngokwakho; nokho izibulo lomuntu wolihlenga ngempela, nezibulo lezilwane ezingcolileyo wolihlenga.
UNumeri 3:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakungithabathela amaLevi nginguJehova esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli.” IsiZulu 2020 ungithathele abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nawemfuyo; nginguSimakade.” Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe ungithathele amaLevi, nginguJehova, esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli. |
Konke okuvula isizalo senyama yonke abanikela ngakho kuJehova, okomuntu nokwesilwane, kuyakuba ngokwakho; nokho izibulo lomuntu wolihlenga ngempela, nezibulo lezilwane ezingcolileyo wolihlenga.
“Mina ngikhiphile amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakuba ngawami.
Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.”
UMose wabala, njengalokho uJehova emyalile, onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
“Thabatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo, amaLevi abe ngawami; nginguJehova.
Ngokuba mina nginikiwe wona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; esikhundleni sakho konke okuvula isizalo, amazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngizithabathele wona.
njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”