Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”
UNumeri 3:35 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele* ngasenyakatho. IsiZulu 2020 Umholi wendlu kakhokho wemindeni yamaMerari kwakunguZuriyeli, indodana ka-Abhihayili, bona bayakukanisa ohlangothini olungasenyakatho lwethabanakeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Isikhulu sendlu kayise wemindeni yakwaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; kumelwe bakanise ohlangothini lwetabernakele, olubheke enyakatho. |
Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”
Ibhanela* lekamu lakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaDani siyakuba ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amabili.
Imfanelo emiselwe amadodana kaMerari iyakuba ngamapulangwe etabernakele,* nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, nezinto zonke zalo, nenkonzo yonke yalokho,