Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Amadodana kaMaheli: ngo-Eleyazare noKishi.
UNumeri 3:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE KwaMerari kwavela umndeni wamaMaheli nomndeni wamaMushi; yileyo eyimindeni yamaMerari. IsiZulu 2020 KuMerari kwavela le mindeni: okaMaheli nokaMushi. Lena kwakuyimindeni kaMerari. Contemporary Zulu Bible 2024 KwaMerari kwavela umndeni wakwaMagili nomndeni wamaMushi; lezi ziyizizukulwane zikaMerari. |
Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Amadodana kaMaheli: ngo-Eleyazare noKishi.
Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Nansi imindeni yamaLevi njengezindlu zawoyise:
Nansi imindeni yamaLevi: ngumndeni wakwaLibini, nomndeni wakwaHebroni, nomndeni wakwaMaheli, nomndeni wakwaMushi, nomndeni wakwaKora. UKohati wazala u-Amramu.
Namadodana kaMerari ngemindeni yawo: oMaheli noMushi. Leyo iyimindeni yamaLevi ngezindlu zawoyise.
U-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.
Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amabili.