“ ‘Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,
UNumeri 28:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa wephunga elimnandi: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, IsiZulu 2020 Niyonikela ngomnikelo wokushiswa, ube yiphunga elimnandi: amaduna amabili, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinyaka munye. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa kumelwe ulungise umnikelo wokushiswa ube yiphunga elimnandi kuJehova; izinkunzi ezimbili, inqama eyodwa, amawundlu angamaduna ayisikhombisa anomnyaka munye; |
“ ‘Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,
kepha ninikele ngomnikelo womlilo, umnikelo wokushiswa kuJehova, amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici kini,
“ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova emkhosini wenu wamasonto, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,
kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngaleyo naleyo nkunzi, nokweshumi okubili ngenqama inye,
ngaphandle komnikelo wokushiswa wenyanga eyethwasayo nomnikelo wawo wempuphu, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu, neminikelo yayo yokuphuzwa ngokwesimiso sayo, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.