UNumeri 27:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ema phambi kukaMose naphambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kwezikhulu, naphambi kwayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi: IsiZulu 2020 Ama ngasemnyango wethende lokuhlangana phambi koMose, u-Eleyazare umphristi, abaholi, nayo yonke inhlangano, athi: Contemporary Zulu Bible 2024 Ema phambi kukaMose, naphambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kwezikhulu, nayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi: |
Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.
Uyakuma phambi kuka-Eleyazare umpristi oyakumbuzela ngokunquma kwe-Urimi* phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli kanye naye, yebo, yonke inhlangano.”
“Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.
Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase, abemindeni yamadodana kaJosefa, zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli,
Kwakukhona amadoda athile ayengcolisiwe yisidumbu somuntu, engenakulenza iphasika ngalolo suku; eza phambi kukaMose naphambi kuka-Aroni ngalowo muhla.