UNumeri 26:63 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko. IsiZulu 2020 Yilabo-ke abaLevi ababalwa nguMose no-Eleyazare, umphristi, ngesikhathi kubalwa abakwa-Israyeli emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho. Contemporary Zulu Bible 2024 Yilabo ababalwayo nguMose no-Eleyazare umpristi, ababebala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko. |
OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:
Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.
Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.