Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.
UNumeri 26:53 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama. IsiZulu 2020 “Laba bayokwabelwa izwe libe yifa labo ngokwenani lamagama abo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kubo, izwe kumelwe lihlukaniselwe njengefa ngokwesibalo samagama. |
Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.
UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.
Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa, abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.
Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu. Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.
Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke; umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’
Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.
Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane, nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.
“Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.
Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.
Lawa angamafa abawathathayo abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseKhanani abababela wona u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,
Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.