ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.”
UNumeri 26:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni: kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki; kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu; IsiZulu 2020 URubeni, izibulo lika-Israyeli: abozalo lukaRubeni: kuHanokhi: ngumndeni wabakwaHanokhi; kuPhalu: ngumndeni wabakwaPhalu; Contemporary Zulu Bible 2024 URubeni, izibulo lika-Israyeli: abantwana bakwaRubeni; u-Enoke, okuphuma kuye umndeni wakwaHanoki; kwaPalu umndeni wakwaPalu; |
ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.”
Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.
Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.
Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli ngokuba wayeyizibulo; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo.
Amadodana-ke kaRubeni, izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.
Laba bayizinhloko zezindlu zawoyise: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; yile imindeni kaRubeni.
Abantwana bakwaRubeni, izibulo lika-Israyeli, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
“Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”