UNumeri 26:42 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo: kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo. IsiZulu 2020 Abozalo lukaDani ngemindeni yabo yilaba: kuShuhamu: ngumndeni wabakwaShuhamu. Yileyo-ke imindeni kaDani. Contemporary Zulu Bible 2024 Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo: kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Lena kwakuyimindeni yakwaDani ngemindeni yayo. |
Kubantwana bakwaDani, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.
Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.