UNumeri 26:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa. IsiZulu 2020 UZelofehadi, indodana kaHeferi, wayengenamadodana enamadodakazi wodwa. Amagama amadodakazi kaZelofehadi yilawa: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza. Contemporary Zulu Bible 2024 USelofadi indodana kaHeferi wayengenamadodana, enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi kwakunguMagila, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. |
Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.
“Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.
Kepha uSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase wayengenamadodana, enamadodakazi odwa; lawa angamagama amadodakazi: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.