Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule, indodana yowesifazane waseKhanani.
UNumeri 26:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE kwaZera: ngumndeni wakwaZera; kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule. IsiZulu 2020 kuZera: ngumndeni wabakwaZera; kuShawule: ngumndeni wabakwaShawule. Contemporary Zulu Bible 2024 kwaSeraki: ngumndeni wakwaSeraki; kuSawule umndeni wakwaSawule. |
Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule, indodana yowesifazane waseKhanani.
Eyesishiyagalombili ngenyanga yesishiyagalombili kwakunguSibekayi umHushati kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Eyeshumi ngenyanga yeshumi kwakunguMaharayi waseNethofa kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo: kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli; kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini; kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;
Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.
Wayesesondeza imindeni yakwaJuda; wathatha umndeni wakwaZera, wawusondeza umndeni wakwaZera ngabantu, kwathathwa uZabidi.