Ngalokho baleka uye endaweni yakho; bengithi ngiyakukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.”
UNumeri 24:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBileyamu wayesesuka, wahamba, wabuyela endaweni yakhe; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela. IsiZulu 2020 UBhileyamu wasuka, wahamba, waphindela kwakhe, noBhalaki wabona eze ngayo. Contemporary Zulu Bible 2024 UBileyamu wayesesuka, wahamba, wabuyela endaweni yakhe, noBalaki wahamba. |
Ngalokho baleka uye endaweni yakho; bengithi ngiyakukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.”
Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.”
Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba.
UBileyamu indodana kaBeyori, umbhuli, naye bambulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwabanye ababulawa yibo.