UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i-Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko.
UNumeri 24:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathatha isisho sakhe, wathi: “Maye, ngubani oyakuphila, lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na? IsiZulu 2020 UBhileyamu wethula umbiko wakhe, wathi: “Maye, ngubani oyakuphila lapho uNkulunkulu enza lokhu na? Contemporary Zulu Bible 2024 Wasethatha umfanekiso wakhe, wathi: Maye, ngubani oyakuphila, uma uNkulunkulu ekwenza lokhu? |
UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i-Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko.
Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na? Ngokuba sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi.
Ayikho imilingo engamelana noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.
Imikhumbi iyakuvela ogwini lwaseKitimi, imhluphe u-Ashuri, imhluphe u-Ebere, naye aye ekubhujisweni.”