Njengomzwilili ekuhambeni kwawo nanjengenkonjane ekundizeni kwayo, kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.
UNumeri 23:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngingamqalekisa kanjani ongaqalekiswanga nguNkulunkulu na? Ngingamdlelesela ongadleleselwanga nguNkulunkulu na? IsiZulu 2020 Ngingamqalekisa kanjani lowo uNkulunkulu angamqalekisanga na? Ngingamjivaza kanjani lowo uSimakade angamjivazanga na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ngingaqalekisa kanjani lokho uNkulunkulu angakuqalekisanga? mina engingaphikanga kanjani iNkosi na? |
Njengomzwilili ekuhambeni kwawo nanjengenkonjane ekundizeni kwayo, kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.
oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;
UNkulunkulu wathi kuBileyamu: “Awuyikuhamba nawo; awuyikuqalekisa abantu, ngokuba babusisiwe.”
ngalokho ake uze manje, ungiqalekisele laba bantu, ngokuba bayangahlula; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukuba sibanqobe, ngibaxoshe ezweni, ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”
Ayikho imilingo engamelana noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.
Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “E-Aramu uBalaki ungilandile, inkosi yakwaMowabi ezintabeni zasempumalanga: woza ungiqalekisele uJakobe; woza umdlelesele u-Israyeli.