UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na?
UNumeri 22:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wavula umlomo wembongolo, yathi kuBileyamu: “Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye kathathu na?” IsiZulu 2020 USimakade wayivula umlomo imbongolo, yathi kuBhileyamu: “Ngenzeni kuwe ungaze ungishaye amahlandla amathathu, na?” Contemporary Zulu Bible 2024 I Nkosi yasivula umlomo wembongolo, yathi kuBalami: Ngenzeni kuwe ukuthi ungitshaye kathathu? |
UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na?
UBileyamu wathi embongolweni: “Ngokuba ungiswabulele; sengathi ngabe kukhona inkemba esandleni sami, ngokuba ngabe sengikubulele.”
Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube manje;
Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.”
kepha waba nokusolwa ngenxa yokweqa kwakhe umthetho: imbongolo eyisimungulu yakhuluma ngezwi lomuntu, yanqabela ukuhlanya komprofethi.