Wathi futhi: “Siyakwenyuka ngayiphi indlela na?” Yathi: “Ngendlela yasehlane lakwa-Edomi.”
UNumeri 21:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela. IsiZulu 2020 Basuka entabeni iHori ngendlela yoLwandle Lomhlanga ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yadikibala ngenxa yendlela. Contemporary Zulu Bible 2024 Basuka eNtabeni yaseHori ngendlela eya eLwandle Olubomvu ukuze bazungeze izwe lakwa-Edomi; umphefumulo wabantu waphela amandla ngenxa yendlela. |
Wathi futhi: “Siyakwenyuka ngayiphi indlela na?” Yathi: “Ngendlela yasehlane lakwa-Edomi.”
UMose wakhuluma-ke kanjalo kubo abantwana bakwa-Israyeli; kepha abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo.
Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle Olubomvu.”
UMose wenza njengalokho uJehova eyalile; bakhuphukela entabeni yaseHori emehlweni enhlangano yonke.
Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na?
Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase-Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona.
baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”
“Sase siphenduka sahamba, saya ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu, njengalokho ebeshilo kimi uJehova. Sazungeza intaba yaseSeyiri izinsuku eziningi.
“Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, wamisa ngaphesheya kwe-Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.