UNumeri 21:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Sibacibishele; iHeshiboni liphelile kuze kube seDiboni; sichithile kuze kube seNofa elingaseMedeba.” IsiZulu 2020 “Sibacibe ngemicibisholo; iHeshibhoni siyibhubhisile saze sayofinyelela eDibhoni. Sibabhubhise saze sayofika eNofa elendlalekele eMedeba.” Contemporary Zulu Bible 2024 Sabadubula; IHeshiboni labhubha kwaze kwaba seDiboni, sabachitha kwaze kwaba seNofa eliya eMedeba. |
Abacibishelayo bacibishela izinceku zakho besogangeni; ezinye izinceku zenkosi zifile, nenceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.”
Base beziqashela izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abeza ukumisa ngaphambi kweMedeba. Abantwana bakwa-Amoni babuthana ndawonye bephuma emizini yabo; baya ukulwa.
Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.
Ngokuba amanzi aseDimoni agcwele igazi; yebo, ngiyakwehlisela iDimoni nokunye: ingonyama phezu kwabasindileyo bakwaMowabi, insali yezwe.
“Yehla ebukhosini bakho, uhlale womile, ndodakazi, ohlala eDiboni, ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe, achithe izinqaba zakho.
“I-Atharoti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elehale, neSebamu, neNebo, neBehoni,
neHeshiboni nayo yonke imizi yalo yasethafeni, iDiboni, neBamoti Bali, neBeti Bali Mehoni,
kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa laseMedeba kuze kufike eDiboni,