IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale; izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi; ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka, umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.
UNumeri 21:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli. IsiZulu 2020 USihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule ezweni lakhe. USihoni waqoqa bonke abantu esifundeni sakhe, waphuma wayohlasela u-Israyeli ehlane. Wafika eJahazi, walwa no-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 USihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma ukulwa no-Israyeli ehlane; wafika eJahazi walwa no-Israyeli. |
IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale; izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi; ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka, umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.
“Kusukela eHeshiboni elikhalayo liyezwakalisa ukukhala kwalo kuze kube se-Elehale naseJahasi, kusukela eSowari kuze kube seHoronayimi nase-Egilati Shelishiya, ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.
“Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo, akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,* ayenamandla njengama-oki;* kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.
Kanjalo u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule izwe lakhe; ngalokho u-Israyeli wachezuka kuye.
ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, owanqotshwa nguMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
Kodwa uSihoni akamethembanga u-Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe; kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, wamisa eJahasi, walwa no-Israyeli.