Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli.
UNumeri 21:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE umthombo ezawumba izikhulu, abawugubha abakhulu babantu ngentonga yobukhosi nangezindondolo zabo.” Basuka ehlane, baya eMathana. IsiZulu 2020 Ngumthombo owambiwa ngamakhosana, wambiwa ngabaholi ngezintonga zazo zobukhosi nangezindondolo zabo.” Basuka ehlane, baya eMathana. Contemporary Zulu Bible 2024 Izikhulu zawugebha umthombo, izikhulu zabantu zawugebha ngezinduku zawo ngomyalo womthetho. Basuka ehlane baya eMathana. |
Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli.
Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa, kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo.
Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.
U-Israyeli wayesehlabelela lesi sihlabelelo sokuthi: “Mpompoza, mthombo, nihlabelele kuwo,
Kepha wena, yima lapha ngakimi, ngikhulume kuwe yonke imiyalo, nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa khona ukuba bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.’
Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?