UNumeri 2:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni* abo, kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise. IsiZulu 2020 Abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose: bakanisa ngasemabhaneleni abo, basuka ngokwemindeni yabo, yilowo nalowo ngokwendlu yokhokho bakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose; |
Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli wonke umsebenzi.
Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa amatende abo, kube yilowo nalowo ekamu* labo, yilowo nalowo ngasebhaneleni* labo, ngamabandla abo.
Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose.
Abantwana bakwa-Israyeli basuka ehlane laseSinayi amabanga ngamabanga; ifu lema ehlane lasePharanu.
Abantwana bakwa-Israyeli bahamba ngokulandelana kanjalo ngamabandla abo; base besuka-ke.
“Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa, kube yilowo nalowo ngasebhaneleni* lakhe ngasezibonisweni zezindlu zawoyise; bayakumisa nxazonke maqondana netende lokuhlangana.”
Kepha amaLevi ayengabalwa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Akabonanga ingozi kuJakobe, akabukanga nankathazo kwa-Israyeli. UJehova uNkulunkulu wakhe unaye, nesenanelo senkosi siphakathi kwabo.
UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.
Lezi ziyizizukulwane zika-Aroni nezikaMose ngalolo suku uJehova akhuluma ngalo kuMose entabeni yaseSinayi.
Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.