Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamesesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.
UNumeri 2:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilabo ababalwayo kubantwana bakwa-Israyeli ngezindlu zawoyise; bonke ababalwayo bamakamu ngamabandla abo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu. IsiZulu 2020 Yilaba-ke ababalwa kubantu bakwa-Israyeli ngezindlu zokhokho babo. Bonke ababalwa enkanjini ngamaviyo abo babeyizi-603 550. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabo abo ababalwayo koonyana bakaSirayeli, ngokwezindlu zooyise; bonke ababalelwa eminqubeni ngamabandla abo ngamakhulu omathandathu amawaka, anesithathu samawaka, anamakhulu mahlanu, anamanci mahlanu. |
Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamesesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.
kwaba yilowo nalowo wanikela ngebeka* eliyinxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele kubo bonke abadlulela kwababaliweyo abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.
bonke ababalwayo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.
Wayesethi uMose: “Abantu engiphakathi kwabo bayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha abayimigundatshani; wena-ke uthi: ‘Ngiyakubanika inyama ukuba badle inyanga epheleleyo.’
Bonke ababalwayo bekamu lakwaJuda babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesithupha namakhulu amane ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.
Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.