UNumeri 2:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa-Asheri; isikhulu sabantwana bakwa-Asheri siyakuba nguPagiyeli indodana ka-Okirani. IsiZulu 2020 Abakanisa eceleni kwakhe kwakuyisizwana sakwa-Asheri; umholi wabozalo lwabakwa-Asheri kunguPhagiyeli indodana ka-Okhirani. Contemporary Zulu Bible 2024 Abamisa kanye naye bayakuba yisizwe sakwa-Asheri; uPagiyeli indodana ka-Okirani uyakuba ngumbusi phezu kwabantwana bakwa-Asheri. |
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.
Ngosuku lweshumi nanye nguPagiyeli indodana ka-Okirani, isikhulu sabantwana bakwa-Asheri.
Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaPagiyeli indodana ka-Okirani.