“Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami.
UNumeri 2:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ibhanela* lekamu lakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi siyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi. IsiZulu 2020 Ibhanela lenkambu yakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; umholo wabozalo lwabakwa-Efrayimi kuyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ibhanela lekamu lika-Efrayimi liyakuba ngasohlangothini lwasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi siyakuba ngu-Elisama indodana ka-Amihudi. |
“Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami.
Bayakufika bekhala, ngibahambise bekhuleka, ngibayise emifuleni yamanzi ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.
Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPedasuri.
Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwa-Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi:
Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwa-Efrayimi ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Elishama indodana ka-Amihudi.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
Ngosuku lwesikhombisa ngu-Elishama indodana ka-Amihudi, isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi.
Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Elishama indodana ka-Amihudi.
Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”