Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli ngokuba wayeyizibulo; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo.
UNumeri 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ibhanela* lekamu lakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaRubeni siyakuba ngu-Elisuri indodana kaShedewuri. IsiZulu 2020 Ibhanela lenkambu yakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaRubeni kungu-Elizuri indodana kaShedewuri. Contemporary Zulu Bible 2024 Ibhanela lekamu likaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaRubeni siyakuba ngu-Elisuri indodana kaSedewuri. |
Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli ngokuba wayeyizibulo; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo.
Lawa angamagama amadoda ayakuma nani: kwaRubeni: u-Elisuri indodana kaShedewuri.
Lase lisuka ibhanela* lekamu* likaRubeni ngamabandla abo; phezu kwalelo bandla kwakungu-Elisuri indodana kaShedewuri.
Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili, amakamu* asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nesithupha namakhulu ayisihlanu.
Ngosuku lwesine ngu-Elisuri indodana kaShedewuri, isikhulu sabantwana bakwaRubeni.
Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Elisuri indodana kaShedewuri.