“Ngalokho uyakusho kubo ukuthi: ‘Nxa niphakamisa okuhle kwayo, kuyakubalelwa amaLevi njengokwanda kwesibuya nokwanda kwesikhamo sewayini.
UNumeri 18:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyakukudlela ezindaweni zonke, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana. IsiZulu 2020 Niyakukudlela noma kuyiphi indawo, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu ethendeni lokuhlangana. Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakukudlela ezindaweni zonke, nina nezindlu zenu, ngokuba lokhu kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana. |
“Ngalokho uyakusho kubo ukuthi: ‘Nxa niphakamisa okuhle kwayo, kuyakubalelwa amaLevi njengokwanda kwesibuya nokwanda kwesikhamo sewayini.
Aniyikuthwala sono ngenxa yakho, lapho seniphakamisile okuhle kwakho, ningahlambalazi izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli ukuba ningafi.’ ”
nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.
Hlalani kuleyo ndlu, nidle, niphuze abanipha khona; ngokuba isisebenzi sifanele inkokhelo yaso. Ningangenisi ezindlini ngezindlu.
Ngokuba nancishwani kunamanye amabandla, uma kungeyilokho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni lelo cala.
Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo kuzo zonke izinto ezinhle.