nithathe uyihlo nemizi yenu, nize kimi, nginiphe okuhle kwezwe laseGibithe, nize nidle amanoni ezwe.’
UNumeri 18:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuzo zonke izipho zenu niyakunikela ngayo yonke iminikelo yokuphakanyiswa kuJehova, konke okuhle kwayo, inxenye yayo engcwelisiweyo.’ IsiZulu 2020 Kuzo zonke izipho eniziphiwayo, niyakwehlukanisa umnikelo ofanele uSimakade, okwekhethelo kukho konke kuyingxenye engcwelisiweyo.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Kuzo zonke izipho zenu nilethe yonke iminikelo yokuphakanyiswa yeNkosi, kukho konke okuhle kakhulu kwayo, okungcwele kwayo. |
nithathe uyihlo nemizi yenu, nize kimi, nginiphe okuhle kwezwe laseGibithe, nize nidle amanoni ezwe.’
kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe, kube yimfanelo ephakade kwabakwa-Israyeli, ngokuba kungumnikelo wokuphakanyiswa; koba ngumnikelo wokuphakanyiswa wabantwana bakwa-Israyeli womhlatshelo weminikelo yabo yokuthula, umnikelo wabo wokuphakanyiswa kuJehova.
Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukelayo kubantwana bakwa-Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umpristi ngomnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.
“Ngalokho uyakusho kubo ukuthi: ‘Nxa niphakamisa okuhle kwayo, kuyakubalelwa amaLevi njengokwanda kwesibuya nokwanda kwesikhamo sewayini.