UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.
UNumeri 18:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukelayo kubantwana bakwa-Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umpristi ngomnikelo wokuphakanyiswa kaJehova. IsiZulu 2020 Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukela kubantu bakwa-Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umphristi, ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalokho niyakuletha umnikelo wokuphakanyiswa kuJehova kukho konke okweshumi kwenu enikwamukela kubantwana bakwa-Israyeli; futhi kumelwe unike u-Aroni umpristi umnikelo kaJehova. |
UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.
Umnikelo wenu wokuphakanyiswa uyakubalelwa nina, njengalokho bekungamabele esibuya nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini.
Kuzo zonke izipho zenu niyakunikela ngayo yonke iminikelo yokuphakanyiswa kuJehova, konke okuhle kwayo, inxenye yayo engcwelisiweyo.’
nikuthathe enxenyeni yabo, nikunike u-Eleyazare umpristi, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.
lapho uJesu eyisigijimi sokusandulela wangena khona, esewaba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.