Lokhu kuyimali yetabernakele,* itabernakele lobufakazi, njengokubalwa kwayo ngesiyalezo sikaMose, ngokubala kwamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
UNumeri 17:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wazibeka izintonga phambi kukaJehova etendeni lobufakazi. IsiZulu 2020 UMose wazibeka izintonga phambi kukaSimakade ethendeni lokuhlangana. Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wazibeka phansi izinti phambi kukaJehova etendeni lobufakazi. |
Lokhu kuyimali yetabernakele,* itabernakele lobufakazi, njengokubalwa kwayo ngesiyalezo sikaMose, ngokubala kwamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele* lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.
Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”
Kepha inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.
Uyakuzibekela etendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi, lapho ngihlangana khona nawe.
UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, zonke izikhulu zamnika izintonga ngayinye kuleso naleso sikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili.
Nabafowenu, isizwe sakwaLevi, isizwe sikayihlo, sondela nabo ukuba bahlanganiswe nawe, bakukhonze; kepha wena namadodana akho kanye nawe niyakuba ngaphambi kwetende lobufakazi.
Ngosuku itabernakele* elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele, itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.
“Kwakukhona itende lobufakazi kobaba ehlane njengalokho akuyalayo yena owakhuluma noMose ukuba alenze ngomfanekiso abewubonile;