Kepha lapho eseziqinisile, inhliziyo yakhe yazikhukhumeza kwaze kwaba ngukubhubha kwakhe, waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaNkulunkulu ukuba ashise impepho e-altare lempepho.
UNumeri 17:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha, intonga yakhe ihlume, ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngani.” IsiZulu 2020 Kuyothi lowo muntu engiyokumkhetha, intonga yakhe ihlume, ukuze ngiqede ukukhononda abakwa-Israyeli abanakho ngani.” Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi kuyokwenzeka ukuthi udondolo lomuntu engiyomkhetha luyoqhakaza; ngizakwenza ukuthi kimi ukukhonona kwabantwana bakoIsrayeli abakhonona ngakho ngani. |
Kepha lapho eseziqinisile, inhliziyo yakhe yazikhukhumeza kwaze kwaba ngukubhubha kwakhe, waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaNkulunkulu ukuba ashise impepho e-altare lempepho.
Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha kabafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebupristini, kwathiwa bangcolile.
Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?”
Ngiyakulijezisa izwe ngobubi balo, nababi ngezono zabo, ngenze ukuba kuphele ukuzidla kwabaziqhenyayo, ngithobise ukuziphakamisa kwabacindezeli.
Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila, u-Israyeli akhahlele, aqhakaze, bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.
Ngalokho njengolimi lomlilo ludla amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika elangabini, impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu, ngokuba balahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.
Ziyakushisa izindlu zakho ngomlilo, zikwahlulele emehlweni abesifazane abaningi, ngenze ukuba uyeke ukufeba, wena ungabe usanika umvuzo.
Ngiyakuqeda kuwe ukukhanuka kwakho nobufebe bakho basezweni laseGibithe, ungabe usaphakamisa amehlo akho kubo, ungabe usalikhumbula iGibithe.
Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakukhahlela njengomnduze, enabise izimpande zakhe njengeLebanoni.
Ekusukeni kwetabernakele* amaLevi ayakulisusa, ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.*
Ngalokho wena nalo lonke iviyo lakho nimhlanganyele uJehova; no-Aroni uyini yena ukuba nikhonone ngaye na?”
wakhuluma kuKora nakulo iviyo lakhe, wathi: “Kusasa uJehova uyakwazisa ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele, amsondeze kuye; lowo ayakumkhetha uyakumsondeza kuye.
UJehova wathi kuMose: “Buyisa intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kubahlubuki, ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.”
UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, zonke izikhulu zamnika izintonga ngayinye kuleso naleso sikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili.
Kwathi ngolwangakusasa uMose wangena etendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi ibisihlumile, ivezile imiqumbe, iqhakazile izimbali, ithele ama-alimondi* avuthiweyo.
anothi kubo: ‘Kungokuba amanzi aseJordani enqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka; lawa matshe ayakuba yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”